Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:1
13 Referans Kwoze  

Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”


UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.”


UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.”


Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.


UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.


Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.


Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.


Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite