Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bese nginisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi zonke izinto eziphilayo engizenzile ngizozibhubhisa emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:4
23 Referans Kwoze  

Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba.


Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,


Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,


Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.


Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;


Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.


Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”


Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.


nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.


Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite