Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:13
16 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.


Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.


nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.


Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.


UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.


UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.


bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko.


Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.


Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi, sithi kubo: ‘Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite