Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:1
26 Referans Kwoze  

Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


“Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.


UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite