Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 INkosi yazisola ukuthi yenze umuntu emhlabeni, futhi yadabuka enhliziyweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:6
34 Referans Kwoze  

Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’


IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”


Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.


UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


“UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”


UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.


Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;


Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.


USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?


“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho.


UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngendlela kaMelkisedeki.”


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi.


ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.


UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”


Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite