Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:4
8 Referans Kwoze  

Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.


bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;


Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite