Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:3
17 Referans Kwoze  

Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.


Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?


Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite