Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:13
19 Referans Kwoze  

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.


Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


Wena ohlala ngasemanzini amakhulu, nonengcebo eningi, sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.


“OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.


Yakha umkhumbi ngemithi yegofere,* wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.*


Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”


Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite