Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:12
18 Referans Kwoze  

nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:


UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.


Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.


inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”


UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade:


Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite