Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 ‘Ubaba wangifungisa wathi: “Sengizokufa. Uyabona-ke, ubongingcwaba ethuneni lami engazimbela lona eKhanani.” Bengicela ukuba ngidedelwe ngihambe ngiyongcwaba ubaba, bese ngibuya.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:5
19 Referans Kwoze  

‘Wenzani lapha, futhi unobani lapha ukuba uziqophele lapha ithuna na? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.” UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.”


kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi


Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite