Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana emfuze ngomfanekiso wakhe; wambiza ngokuthi uSeti.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 5:3
15 Referans Kwoze  

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.”


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


Inyama yonke ayinhlobonye, kepha enye ngeyabantu, enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi.


Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;


Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


kaKayinamu ka-Arfakisadi kaSemi kaNowa kaLameka


Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.


Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.


Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite