Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 5:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Futhi wambiza ngokuthi uNowa futhi wathi: Uyosiduduza ngenxa yomsebenzi wethu kanye nokukhandleka kwezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisileyo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 5:29
17 Referans Kwoze  

nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


“Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.


UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


kaKayinamu ka-Arfakisadi kaSemi kaNowa kaLameka


Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.


Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo,


ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.


Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite