Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Le yincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Mhla uNkulunkulu edala umuntu, wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 5:1
15 Referans Kwoze  

nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.


nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”


Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”


O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,


Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite