Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJosefa uyigatsha elithelayo, isihlahla sesithelo ngasemthonjeni; amagatsha awo awela odongeni;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:22
19 Referans Kwoze  

Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.


Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.


Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi, waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.


Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.


Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;


Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.


“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite