Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 wathi kimi: ‘Ngizoyandisa inzalo yakho ibe yizinkumbi, ngikwenze izizwe eziningi, leli lizwe ngizolinika izizukulwane zakho libe yifa lazo laphakade.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:4
20 Referans Kwoze  

Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.


Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.


Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite