Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Wena-ke ngikwabela okuthe xaxa kunabafowenu; ingxenye engayithatha ezandleni zama-Amori ngenkemba nangomnsalo wami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Futhi ngakunika isabelo esisodwa ngaphezu kwabafowenu, engabathatha ngenkemba yami nomnsalo wami esandleni sama-Amori.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:22
12 Referans Kwoze  

Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


“Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?


kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.


Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, okwakusemzini nokwakusendle,


Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemise khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu.


Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite