Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UJosefa wabona ukuthi uyise ubeke isandla sakhe sokunene phezu kwekhanda lika-Efrayimi, akwaze kwamthokozisa lokho. Wasithatha isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi asibeke kwelikaManase.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJosefa esebona ukuthi uyise ubeke isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwakungalungile kuye;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:17
13 Referans Kwoze  

U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.


ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,


funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.


Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.


Kepha u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


Wathi uBileyamu kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho, ngiyakubuyela emuva.”


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.


khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise,


Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”


Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite