Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi engomncane, nesandla sakhe sokhohlo ekhanda likaManase, eqondisa izandla zakhe ngokuhlakanipha; ngoba uManase wayelizibulo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:14
24 Referans Kwoze  

UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”


Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.


babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.


Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.


Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa.


Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.


Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Esokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.


UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.


ulethe amaLevi phambi kukaJehova; abantwana bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi,


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”


KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.


Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.


Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite