Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:12
15 Referans Kwoze  

UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.


Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:


Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.


Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yambekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.


“ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.


U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,


Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,


Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,


Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”


UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite