Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 47:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izwe laseGibhithe liphambi kwakho; endaweni enhle kakhulu yezwe kahlale uyihlo nabafowenu; mabahlale ezweni laseGosheni; uma wazi okuthile phakathi kwabo, ubamise babe ngababusi phezu kwezinkomo zami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 47:6
24 Referans Kwoze  

Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile.


Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.


Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.


Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni.


Wayesethi uJosefa: “Lethani izinkomo zenu; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.”


Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”


Wathi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami lisebusweni bakho; yakha lapho uthanda khona.”


Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”


ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.


Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho,


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe;


Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.


Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite