Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 47:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Yizwe labapristi kuphela angalithenganga, ngokuba abapristi babethole isabelo kuFaro, badla isabelo sabo abapha sona uFaro; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Umhlaba wabaphristi yiwo kuphela angawuthenganga, ngokuba kwakunesabelo sabaphristi esivela kuFaro. Babedla leso sabelo ababesinikwe nguFaro, yingakho bengawuthengisanga umhlaba wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Yizwe labapristi kuphela angalithenganga; ngoba abapristi bababela isabelo sikaFaro, badla isabelo sabo uFaro abanika sona; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 47:22
16 Referans Kwoze  

Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.


Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”


Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?


nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.


Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.


uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.


Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.


UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.


UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.


UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


Abantu wabayisa emizini, ebasusa komunye umncele wezwe laseGibithe kwaze kwaba komunye umncele walo.


UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini.


UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite