Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 46:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJakobe wasuka eBeri Sheba; abantwana bakwa-Israyeli bamthwala uJakobe uyise, nabantwana babo, nawomkabo, ezinqoleni uFaro ayezithumele ukuba zimthwale.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 46:5
9 Referans Kwoze  

Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.


“Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.


Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.


Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi; akuyikusala nanselo, ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.”


UFaro wambiza uMose, wathi: “Hambani nimkhonze uJehova, kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.”


UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.


U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite