Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukuba nginigcinele inzalo emhlabeni, ngisindise ukuphila kwenu ngokukhululwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:7
8 Referans Kwoze  

“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi.


Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.


Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.


Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”


Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.


Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.


Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.


UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite