Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:2
10 Referans Kwoze  

Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala.


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.


Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.


Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.


Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.


Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite