Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 44:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wathi uJuda: “Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UJuda waphendula wathi: “Sizothini enkosini yami na? Sizakukhuluma sithini na? Sizakuzithethelela sithini na? UNkulunkulu uliveze obala icala lezinceku zakho. Bheka, silapha ukuba sibe yizigqila zenkosi yami, thina nalowo okutholakale kuye indebe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJuda wasesithi: Sizakuthini enkosini yami? sizokhuluma ngani? noma singazihlanza kanjani na? UNkulunkulu uthole ububi bezinceku zakho; bheka, siyizinceku zenkosi yami, thina naye okufunyenwe kuye indebe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 44:16
25 Referans Kwoze  

Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.


“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.


Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


“Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.


Umuntu osindwa yigazi lomunye uyakubalekela egodini; makangasizwa muntu.


Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.


“Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.


Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”


“Manje siyakuthini, Nkulunkulu wethu, emva kwalokhu na? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Wayisondeza indlu yakhe ngabantu; u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, wathathwa.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


Ngokuba inceku yakho yaba yisibambiso somfana kubaba, yathi: ‘Uma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba necala kubaba kuze kube phakade.’


Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”


Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”


Wathi: “Makube kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.”


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite