Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UJuda wathi kuyise u-Israyeli: “Mdedele umfana ahambe nami, ukuze sivuke sihambe, yikhona thina sonke sizophila; singafi, thina nabantwana bethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wayesethi uJuda kuyise u-Israyeli: “Thuma umfana nami, sisuke sihambe; ukuze siphile, singafi, thina kanye nani, nabantwana bethu abancane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:8
14 Referans Kwoze  

Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”


“Makaphile uRubeni, angafi; amadoda akhe abe ngumumo omkhulu.”


Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.


Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.


Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: “Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone.”


Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu* lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.”


Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.


nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.


“Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.


Sathi thina: ‘Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi, siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowo muntu, uma umfowethu omncane engenathi.’


Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”


Sase sithi enkosini yami: ‘Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite