Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kwathi sesifike endlini yezihambi, savula amasaka ethu; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe, imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kuthe lapho sesifike endlini yezihambi, sathi sivula amasaka ethu, kwaba yilowo nalowo wakhangwa yimali isemlonyeni wesaka lakhe, iphelele njengoba sasiyikhokhile, kodwa nansi ezandleni zethu siyibuyisile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho sifika endlini yezihambi, savula izikhwama zethu, bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesikhwama sakhe, imali yethu ngesisindo sayo; futhi sayibuyisela esandleni sethu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:21
12 Referans Kwoze  

niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha.


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.


Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;


Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.


athi: “O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla.


Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.”


Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite