Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Israyeli uyise wayesethi kubo: “Uma kunjalo, kwenzeni; Thathani ezitsheni zenu izithelo ezinhle kakhulu zezwe, nilethe isipho kumuntu, ibhalisamu elincane nezinyosi ezincane, izinongo nomure, amakinati nama-alimondi;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:11
37 Referans Kwoze  

Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*


Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.


Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”


Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”


“ ‘Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho, iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni,* kwaba yisipho sakho.


Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.


inadi* nesafroni,* nomhlanga nokinamona,* kanye nemithi yonke yenhlaka, nemure* nomhlaba, nawo onke amakha amahle.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!


Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka, nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.


Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.


Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla, abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.


Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho.


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani, inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula.


U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.


Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Zithathele ngesandla sakho izipho, uhambe umhlangabeze lowo muntu kaNkulunkulu, ubuze kuJehova ngaye ukuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”


“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.


ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,


UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”


UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.


Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.


ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”


Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.


Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.


UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.


“ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite