Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; ukubona ubuze bezwe oze kulo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:9
15 Referans Kwoze  

UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.


Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.


UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.


Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”


Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu* lakwa-Israyeli.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


“Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”


nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ”


Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”


Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite