Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:6
19 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.


“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.


UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.


Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,


Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,


Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.


Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.


UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.


Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.


Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite