Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga kini ngathi: Ningoni kumntwana; kanti ubungafuni ukuzwa? ngakho-ke, bheka, igazi lakhe liyabizwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:22
19 Referans Kwoze  

Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.


UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,


Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”


thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.”


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa, ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.


Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.


Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.”


UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;


Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite