Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJosefa wayesethi kubo ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile; ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:18
12 Referans Kwoze  

Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.


U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”


Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu,


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.


Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana.


Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite