Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngimfunge uFaro, nizovivinywa ngalokhu, ngeke nihambe uma umfowenu omncane engafiki lapha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Niyakuvivinywa ngalokhu: Kuphila kukaFaro aniyikusuka lapha, uma umfowenu omncane engezi lapha.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:15
19 Referans Kwoze  

Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


UJuda wakhuluma kuye, wathi: “Lowo muntu wagoma nokugoma kithina, wathi: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’


nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ”


“Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe.


nilethe umfowenu omncane kimi, kuqiniswe amazwi enu, nize ningafi.” Benze njalo.


Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”


Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”


UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?” Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”


UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.


kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite