Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:57 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:57
11 Referans Kwoze  

Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.


Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”


Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.


UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?”


Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.


Indlala yayinzima ezweni.


UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite