Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

51 UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 UJosefa waqamba izibulo ngokuthi uManase, ngokuba wathi uNkulunkulu ungenze ngakhohlwa konke umshikashika wami nayo yonke indlu kababa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:51
19 Referans Kwoze  

Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.


Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,


Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”


Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.


ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni azibusise kuNkulunkulu weqiniso, nofunga emhlabeni, afunge uNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami.”


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,


“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.


UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.


Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.


Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.


Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.”


Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.


Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite