Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:1
21 Referans Kwoze  

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”


Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


Amanzi ayakuphela elwandle, umfula wome, ushe.


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,


Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.


Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.


ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”


Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.


Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.


Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite