Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 40:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngakusasa ekuseni lapho uJosefa efika kubo, wabona ukuthi bakhathazekile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJosefa wangena kubo ekuseni, wababheka, bheka, babedabukile.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 40:6
9 Referans Kwoze  

Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho ongalichaza.” UJosefa wathi kubo: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.”


Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.


Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwe endlini yenkosi yakhe, ethi: “Ubuso benu budabukeleni namuhla na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite