Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 40:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe ezimbili, induna yabaphathizitsha nenduna yababhaki.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 40:2
11 Referans Kwoze  

Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo, ngokuba uma umophula, umelwe ukukuphinda.


Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;


Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.


Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;


Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.


UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite