Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UKhayini walala nomkakhe wakhulelwa, wazala u-Enokhi. UKhayini wakha umuzi wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enokhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke; wakha umuzi, wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enoke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:17
11 Referans Kwoze  

Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.


Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.


UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke.


Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.


U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.


Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite