Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bheka, uyangixosha namuhla emhlabeni; ngiyakusitheka ebusweni baKho; futhi ngiyoba umbaleki nozulane emhlabeni; futhi noma ubani ongitholayo uzongibulala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:14
27 Referans Kwoze  

Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,


abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,


noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


Makungabikho omenzela umusa, futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.


Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.


Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale.


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite