Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathi: “Wenzeni na? izwi legazi lomfowenu limemeza kimi lisemhlabathini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:10
24 Referans Kwoze  

nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.


“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.


Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.


Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.


lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.


UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?


“Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo,


USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,


Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.


Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite