Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:9
34 Referans Kwoze  

UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.


Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.


kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.


Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.


Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.


Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.


“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.


“Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe,


Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.


Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.


Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.”


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”


Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”


Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.


Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite