Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:4
23 Referans Kwoze  

Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo, nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.


Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;


Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.


Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.


Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.


Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.


wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.


Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.


USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


Wayesethi: “Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na?” Wathi: “Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.”


nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”


Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.”


Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,


Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi;


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.


Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite