Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye, nokuthi uJehova wakuphumelelisa konke akwenzayo esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:3
28 Referans Kwoze  

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”


Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.


USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.


Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.


Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”


UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”


UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.


UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.


UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.


Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”


Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.


UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.


USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite