Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Umlindi wetilongo akabhekanga lutho olusesandleni sakhe; ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo, uJehova wakuphumelelisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:23
10 Referans Kwoze  

Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;


Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite