Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 wabiza abantu bendlu yakhe, wakhuluma kubo, wathi: “Bhekani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; wangena kimi ukuba alale nami, futhi ngamemeza ngezwi elikhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:14
21 Referans Kwoze  

Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;


“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.


Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na?


ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele.


Ofakazi abangalungile bayasukuma, babuza kimi engingakwaziyo.


Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”


Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;


Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.”


Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.


NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.


ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,


Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.


Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka,


wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite