Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Onani wayesekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; wathi engena kumkamfowabo, wathela emhlabathini ukuba angamniki umfowabo nzalo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:9
11 Referans Kwoze  

Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”


Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.


Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?


Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.


“Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana, umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite