Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Yalandelisa futhi ngenye indodana, wayiqamba igama wathi nguShela: babeseKhezibhi ngesikhathi ezalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; waqamba igama layo ngokuthi uSela; wayeseKesibi ekumzaleni kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:5
8 Referans Kwoze  

Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.


Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,


Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.


Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.


UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe: “Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo, aze akhule uShela indodana yami,” ngokuba wathi: “Ukuba angafi njengabafowabo.” UTamari waya wahlala kwabo.


UJuda wamthathela u-Eri izibulo lakhe umfazi ogama lakhe linguTamari.


Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.


Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite