Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngaleso sikhathi uJuda wabashiya abafowabo, wayohlala nomuntu wase-Adulama okuthiwa nguHira.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngaleso sikhathi uJuda wehla kubafowabo, wangena nomuntu wase-Adulamu, ogama lakhe linguHira.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:1
12 Referans Kwoze  

Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo, wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.


UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.


Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla: udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


neJarimuthi, ne-Adulamu, neSoko, ne-Azeka,


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.


UJayeli waphuma ukumhlangabeza uSisera, wathi kuye: “Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi, ungesabi.” Waphambukela kuye etendeni, wamembesa ingubo.


inkosi yaseLibina: inye; inkosi yase-Adulamu: inye;


Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.


UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kepha akamfumananga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite