Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:5
20 Referans Kwoze  

Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.


Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.


“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.


EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”


Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;


Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.


Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.


Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.


“Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’


Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite